Lo mthetho uqala ukusebenza ngosuku lokuqala kwemigomo yokuhlolwa komthelela wezemvelo, ka 2006 owakhelwe ngaphansi kwesigaba 24 somthetho wase ushicilelwa kuSaziso sikaHulumeni No R. 385 ka 2006.
indawo yemayini lisho indawo njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho wezokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye neziBasi, 2002 Umthetho No.
umsebenzi wemayini lisho umsebenzi njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho wezokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye neziBasi, 2002 Umthetho No.
ilungelo lokwenza umsebenzi wemayini lisho ilungelo njengoba kuchazwe esigabeni 1 soMthetho wezokuthuthukiswa kweziMbiwa kanye neziBasi, 2002 Umthetho No.
Umthetho lisho Umthetho kaZwelonke wezokuPhathwa kwezemvelo, 1998 Umthetho No.
Imigomo lisho Imigomo yokuHlolwa komThelela wezeMvelo, 2006.
d noma yiluphi uhlelo noma umsebenzi, odinga imvume noma imvume ngokomthetho olawula ukukhishwa kwalokho okuphumayo, ukungcoliswa, okugobhozayo noma okulahliwe futhi ongadalulwanga kuSaziso sikaHulumeni No. R.
Isiphathimandla esifanele ngokwemisebenzi ebalwe kule ngxenye yesheduli yisiphathimandla sezemvelo esifundeni lapho umsebenzi ozokwenziwa khona ngaphandle uma kuyisicelo somsebenzi njengoba kucatshangwa esigabeni 24C somthetho, lapho isiphathimandla kunguNgqongqoshe noma ilungu likahulumeni elinikezwe alamdnla ngokwesigaba 42 somthetho njengoba uchitshiyelwe.
